Okuhamba Phambili

Lifestyle

   

 

Uma ubungakezwa, i-multi-function furniture iyadlisa kulezi zinsuku. “Multi- furniture?” uyazibuza ukuthi yini yona leyo. Lolu uhlobo lwefenisha olwenza imisebenzi eminingi, okuzosiza indlu yakho ibe nendawo evulekile. Uma indlu inendawo evulekile ishaya umoya, yingakho nje loluhlobo lwefenisha luhamba phambili kulezi zinsuku. Ngale kwalokho, ubani ongeke athande ukuhlala endaweni eshaya umoya nenefenisha enhle?

Yiluphi uhlobo lwe multi-function furniture okufanele oluthenge? Nanka amacebo amubalwa:

I-base yombhede enama-drawer

Mhlawumbe uke wayibona kwi-Pinterest noma ezitolo zombhede eziseduze nawe, yona ungayithenga ngoba izoba wusizo olukhulu kuwe – kakhulukazi uma igumbi lakho lokulala lincane: sebenzisa i-base ukufaka izicathulo, okokugqoka ongeke ukudinge ngaleyo sizini, izincwadi, izingubo zokulala – nokunye. Mawenzenjalo, igumbi lakho lokulala lizohlala liqoqekile. Lokho kusho ukuthi uhlomulile!pexels-photo-439227.jpeg

I-ottoman

Yona yenza imisebenzi eminingi eyehlukene egumbini lakho lokuphumula – i-ottoman iyaba yisihlalo sokuqhwakela, esokubeka izinyawo noma ubeke okuthile. Eza ngemibala eyehlukene nezindwangu ezingafani ukuze igumbi lakho liqhakaze. Okunye, amanye ama-ottoman ayavuleka avaleke ukuze uzokwazi ukugcina okuthile phakathi.

Ama-nestle table

Ukuba namatafula osayizi abehlukene akusiyo indlela yokuhlobisa ikhaya lakho nje kuphela; awusizo kakhulu futhi ngeke uyikhalele imali yakho – ungawehlukanisa uwasebenzise emagumbini ehlukene ekhaya lakho uma uwadinga, njengasegumbini lokulala, egumbini lokudlela noma elokulala. Uma usuqede okwenzayo ungawabuyisela ndawonye.

Fotolia_31002357_Subscription_Monthly_XL.jpg

I-crate noma i-trunk

Ukusebenzisa i-crate noma i-trunk elidala njengetafula akusesiso isitayela nje kuphela; uba nenye indawo yokushutheka ezinye izinto ongathandi zibonakale egumbini lakho lokuphumula. Cabanga nje: amaDVD, izincwadi, ama-throw, ama-game console namawayini.

I-futon

Akusiwo usofa ongabuye uwenze umbede nje kuphela – ithandwa kakhulu ngabafundi – ayibukeki kahle egumbini lakho. Ama-futon esimanje mahle, enza igumbi lakho lokuphumula libukeke kahle. Uma unezivakashi, kulula ukuyenza umbede noma ufisa ukucambalala ubuke umabonakude.

breather-196135.jpg

Ama-sectional noma ama-adaptable couch

Uma ufisa ukuthenga i-couch, thenga enophisi abehlukene – lokho kuzokwenza kubelula ukubamisa ngendlela ofisa bame ngayo. Ukukwazi ukubamisa ngendlela yakho kuzokwenza bahambelane nenye ifenisha endlini yakho futhi nibe nendawo eningi yokuhlala. Uzosizakala ngendlela esesitayeleni.

Ibhentshi elinamasondo

Sonke siyayidinga indawo yokusebenzela – kungaba segumbini lokuphumula, ekhishini noma egumbini lokulala? Amabhentshi asebekhona iminyaka eminingi, ukulifaka amasondo kungenza libe nemisebenzi eminingi: amasondo azokusiza ukwazi ukuliyisa kwelinye igumbi uma ulidinga. Kulula uyabona!  

For more information, email marketing@rawsonproperties.com or visit www.rawson.co.za for the latest market tips and industry news.

Rawson

Leave a comment